Izingxenye zezitshalo ezisetshenziswa ukwandisa ezingakaze zithengiswe eNingizimu Afrika isikhathi esingaphezulu konyaka.
Zikwisimo sezinhlobo zesihlahla, noma umvini, izingxenye ezisetshenziswa ukwandisa, ezingekho kwelinye izwe, ngokuhweba noma kwimiphakathi esikhathini esingaphezulu kweminyaka eyisithupha, noma kwisimo sanoma yiyiphi inhlobo yesitshalo, kwiminyaka emine.
kumele zibe ngezihlukene kwezinye ngendlela ecacile kunenye inhlobo ecishe ifane nalena kumele ibesabuyunifomu, okusho ukuthi zonke izitshalo ezitshalwa ngasikhathi sinye kumele zibukeke zifana kanti futhi zibe ngezezinhlobo efanayo.
kumele kube ngezizinzile , izitshalo zohlobo oluthile, ngemuva kokutshalwa kaningi-ningi , kumele zihlale zisefana nezitshalo zakudala.
kumele zibe ngezohlobo olwamukelekile.
Uma inhlobo yesitshalo ingekho kwethebuli, fakela isicelo sokumenyezelwa nencwadi ebeka isizathu esibambekayo ku-Registrar waMalungelo abandisi bezitshalo.
ifomu eligcwaliswe ngokuphelele a technical questionnaire izimali ezibekiwe okumele zikhokhelwe isicelo nohlolo imbewu noma izinqanyana ezisetshenziselwa ukwandisa izitshalo isigunyaziso esibhaliwe somnikazi, uma ungeyena umtshali owandisayo, inhlobo ekhethiwe noma yathuthukiswa.
Sicela ucacise kwi-questionnaire ukuthi lenhlobo kumele iqhathaniswe naziphi izinhlobo ezaziwayo eNingizimu Afrika, izinhlobo ezintsha kumele ziqhathaniswe ukubona ukwehluka kwazo.
Ungenza isicelo sovikelo lwesikhashana senhlobo. Lokhu kusho ukuthi inhlobo ivikelwe ngaleso sikhathi sokuhlolwa. Kumele unikeze isibopho esibhaliwe sokuzimisela ukuthi ngeke uthengise , noma yiziphi izinqanyana zokwandisa zenhlobo yesitshalo ehlolwayo kuze kufinyelele lapho lonke uhlolo seluphethiwe kanti amalungelo okwandisa isitshalo esinikeziwe. Kunconywa ukuthi kube novikelo lwesikhashana kwizitshalo lapho kwenziwa izinhlobo zohlolo ezithatha isikhathi esingaphezulu konyaka.
Uma uhla lohlobo lukhona kwinhlobo yesitshalo eyenzelwa isicelo samalungelo okwandiswa kwesitshalo, fakela izicelo kanye-kanye ukuze wonke isikhathi nemali.
Inqubo yokuhlolwa kwamalungelo okwandiswa kwesitshalo ithatha cishe isizini eyodwa yokutshala.
